AFRICA
Hawu madoda Kwenzenjani??? Ey kubi, izwe lethu liyashabalala, sibhekile abanye balele, bazenza engathi balalele, ngoba kwabanye libalele. Ey kubi madoda, ngizoguqa ngicele ubaba asilekelele. Ngiphethwe ikhanda ubuthongo angisabazi, ngishawa umcabango wam, ujulile futhi ave usabalele. Ngidinga nje abafethu bathathe izinto ngobuqotho, babe amadoda ngeke sahlulwa abelungu, thina soZulu, ondabezitha, omnguni. ngempela nje ngithi cha. Lento yethu yokuba amavaka, izosenza izitabane. Manje ngithi sonke asilweni lapho sikhona, ngibuyise i Africa. the spirit of Ubuntu. ngihlonipha wonke amaqhawe wethu nezinkosi kanye namabutho, ngithi nguShezi sisekhona impela futhi asiyi ndawo, ngizoyilwa impi yobabamkhulu, futhi sizonqoba...vuka MuAfrica Sisize isizululwane. Vuka mf2, vuka Dadewethu. ngiyanicela.... Izingane zethu zibheke thina. ikusasa lazo lisezandleni zethu. oGogo no mkhulu balwa, sekusalele thina manje. Sizoqhoba futhi sizo lakhe kabusha lelizwe lethu. Angithi MaAfrica! Yebo Siyabusa futhi sohlala sibusa....
You may also like

Leave a comment
See track description ↑